UbuKrestu: Isingeniso [225]
(Editionn 1.0 19990315-19990315)
UKrestu wayeliJuda. Wayeyigcina eyithobela futhi iMithetho kaNkulunkulu ngazo zonke izindlela. Ukwenza isono kungukwephula uMthetho kaNkulunkulu. UKrestu akazange akwenze okuyisono. Wayigcina imithetho yeSabatha eyayigcinwa ngaleso sikhathi njengokwezinsuku zekhalenda langaleso sikhathi, eThempelini eJerusalema kanye naphakathi kwamaSaramariya. Kuze kwaba unyaka ka-358 CE ikhalenda lamaJuda lesimanje lingakenziwa. Leli khalenda lesekelwe ekuhlehlisweni Kwezinsuku Ezingcwele ZikaNkulunkulu ngenxa yesiko (Bheka iphepha God’s Calendar [156] namakhasi alandelayo kanye nephepha Law and the Fourth Commandment [256]. Amakholwa ayengamkhonzi uNkulunkulu ngeSonto, kwaze kwaba maphakathi nekhulu lesibili leminyaka, okwenzeka eRome. (Bheka elithi The Role of the Fourth Commandment in the Historical Sabbath-keeping Churches of God [170]. Ibandla lalingalugcini usuku lwangeSonto lokukhumbula ukufa nokuvuka kukaJesu kwaze kwaba ngu-152 kuya ku-190 CE, okwaba yisithuba sombango ngosuku lwangempela lwePhasika. (Bheka The Origins of Christmas and Easter [235].
Igama elithi UJesu Krestu akulona igama langempela lendoda eyaziwa ngokuthi indodana kaNkulunkulu (Bheka The Significance of the Term Son of God [211]. Yena wabe aziwa ngokuthi nguYahoshua noma Joshua (Bheka Joshua, the Messiah the Son of God [134]. Wayenabafowabo nodadewabo abaningi ababamba iqhaza elikhulu enkonzweni emva kokushona kwakhe. Amagama abafowabo ayatholakala eBhayibhelini nasemibhalweni yokuqala yeBandla (Bheka Ante Nicene Fathers). Izizukulwana zabo zabulawa ngenkathi kumiswa ibandla lamaRomani eKhulwini Lesine leminyaka (Bheka The Virgin Mariam and the Family of Christ [232]. UKrestu akazange azibize ngelikaNkulunkulu. Nebandla nalo lalingakaze limthathe njengoNkulunkulu noma umuntu olingana noNkulunkulu, emakhulwini amabili okuqala eminyaka (Bheka The Early Theology of the Godhead [127]. KubaPostoli akekho owayebambelele eButhathwini bukaNkulunkulu. Ngisho naseMkhandlwini waseNicaea, ngo-325, babungakacaciswa uButhathu bukaNkulunkulu. Lobu Buthathu bacaciswa ngo-381 CE eMkhandlwini waseConstantinople (Bheka Binitarianism and Trinitarianism [076]; Consubstantial with the Father [081]; kanye nelithi The Holy Spirit [117].
Inkulumo ethi uKrestu unguNkulunkulu njengesiqu somuntu oyedwa, okubhekise ekuthini uyiNdodana eyodwa kaNkulunkulu, kwakuyimfundiso ehambisana nokukhonza u-Athisi unkulunkulu waseLydia, okuyinkolo eyamukelwa ngamaRomani. Kwakungenye yezindlela ezifana nokukhonza u-Ishitha noma u-Istha noma u-Ashthathe noma u-Ashtherothi. Ekuqaleni kwekhulu lesine leminyaka abaphristi baka-Athisi bakhalaza ngokuthi amaKrestu ayesentshontshe zonke izimfundiso zabo azenza ezawo (Bheka iphepha okubhekiswe kulo lapha [235] nakwelithi Purification and Circumcision [251]. Umbono othi uKrestu unguNkulunkulu njengoba uNkulunkulu enguNkulunkulu ivela kosolwazi bamaGriki ababa nenkinga yokuthi bangasichaza kanjani lesi simo ngenxa yokuntula amazwi afanele olimini lwabo. Babengenawo amazwi amele uthando lukaNkulunkulu, okwadala ukuba basebenzise igama lesiHebheru elithi ahabah abaliguqula laba ngelithi agape. Ngokusho kwabo nguNkulunkulu kuphela owayengenza abantu ukuba babuyisane kanye naye. Uma kungukuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu, kusho ukuthi lokhu kubuyisana kwakungeke kube khona. Lokhu kwakuliphutha. Kodwa amaGriki akuthatha njengeqiniso. Kwakuyiwona amaGriki ayengamele amabandla asempumalanga, okwagcina ngokuthi axoshe izihlobo zikaKrestu ezazaziwa ngelithi Desposyni (Bheka ephepheni okubhekiswe kulo lapha [232]. Lokhu kwahlanganiswa nenqubo endala kaNkulunkulu wamahedeni oZiqu Zintathu (Bheka The Development of the Neo-Platonist Model [017] nakwelithi The Purpose of the Creation and the Sacrifice of Jesus Christ [160].
Emva kwezimpi zika-Ariyasi owayengabamukeli ubunkulunkulu bukaKrestu kanye nezingqungquthela zamaJalimane kanye namaJalimane aseNgilande, iBandla eligcina imithetho yeSabatha lacindezelwa ngabalandeli boMbuso wamaRomani abakholelwa ebuThathwini bukaNkulunkulu (Bheka General Distribution of the Sabbath-keeping Churches [122]; nekubhekiswe kulo lapha [170] nakuCox-Kohn, The Sabbatarians in Transylvania, CCG Publications, 1998, amakh. i-xxvii). Abagcini bemithetho yeSabatha, yize bacindezelwa eYurophu, yibona abeza nezinguquko enkolweni yobuProtesthani (Protestant Reformation), ezehluleka ukubuyisa inkolo yeqiniso (Bheka Socinianism, Arianism and Unitarianism [185].
AmaJuda ayekholelwa ekuthini uNkulunkulu wayengakazibonakalisi kubantu nasekuthini uMthetho bawamukela uvela engelosini eNkulu kaJehova, nayo ebizwa ngokuthi uJehova. Le ngelosi yayaziwa njengoNkulunkulu Wesibili ka-Israyeli. Konke eyayikwenza neyayikusho yayikwenzela uNkulunkulu kanti yayino-Israyeli ensikeni yomlilo nefu mhla kusukwa eGibithe. Le nkolelo yayilandelwa ngisho nangabapostoli kanye nebandla lokuqala (Bheka The Angel of YHVH [024]; Psalm 45 [177]; Psalm 110 [178]; The Etymology of the Name of God [220] kanye naku-Isaiah 9:6 [223]. Ibandla lalikholwa wukuthi unkulunkulu waleli zwe nguSathane (Bheka Lucifer: Light bearer kanye no-Morning Star [223]. Ibandla lalingakholelwa emfundisweni yezulu nesihogo. Imfundiso ethi umphefumulo kawufi yona laliyithatha njengenabo ubunkulunkulu nenokuhlambalaza uNkulunkulu. (Bheka The Soul [092] nelithi On Immortality [165]. Ababekholwa ukuthi umuntu ofayo uya ezulwini yilabo ababaziwa njengabakholelwa ezintweni eziphambene nenkolo eyiyo (Gnostics) kanti beza nezinye izimfundiso ebandleni (Bheka Vegetarianism and the Bible [183]; Wine in the Bible [188]; kanye nelithi The Nicolaitans [202].
Ibandla lalingeke liqale ukubusa kuze kufike uvuko lokuqala lwabafileyo kanti laliyobusa lo mhlaba iminyaka eyinkulungwane ngaphansi kukaMesiya. Emva kwalokho laliyobamba iqhaza ovukweni lwesibili lwabafileyo, lilungiselele lo mhlaba uMuzi kaNkulunkulu (Bheka The Millennium and the Rapture [095] and The City of God [180]. UKrestu wabamba iqhaza elithile kokudaliweyo. Wayengeyena lo Nkulunkulu oyedwa weqiniso. Wathunywa nguye lo Nkulunkulu Oyedwa Weqiniso. Ukuliqonda leli qiniso kusho ukuba nempilo engunaphakade (Jn. 17:3) (Bheka The Role of the Messiah [226]. Yize uKrestu wayengeyena uNkulunkulu Ophakeme njengoba simazi, u-Eloyi, wayekhona ngaphambi kokudaliweyo (Bheka The Pre-Existence of Jesus Christ [243]. Wayeyingxenye yamanye amadodana kaNkulunkulu ayekhona ngesikhathi kudalwa izinto - esiwaqonda ngelithi elohimi. Ibandla laqonda labuye lafundisa amakhulu eminyaka ukuthi abakhethiweyo bayokuba u-elohimi njengeNgelosi kaJehova emakhanda abo (Bheka. Zechariah 12:8 nethi The Elect as Elohim [001].
Ukungena kwemfundiso engelona iqiniso kaNkulunkulu oZiqu-Zintathu yaholela ekudalekeni kwenkolo yobuSulumane engabamukeli nhlobo uButhathu bukaNkulunkulu. UMuhamede nabanye abaholi abane abangabalandeli bakhe ababizwa ngelabaholi abayaziyo into abayenzayo kwakuyibona abaholi ababelandela imfundiso yangampela yobuSulumane. Emva kwabo ubuSulumane bangempela banukubezwa amasiko emvelo njengoba kwenzeka nasenkolweni yobuJuda nobuKrestu ngaphambili (Bheka Christ and the Koran [163] kanye nelithi The Sabbath in the Qur’an [274].
UKrestu wayengeyena lo Nkulunkulu oyedwa weqiniso, ongazange abonwe, ongenakubonwa ngumuntu, nokunguyena yedwa ongafi (1Thimothewu 6:16; Bheka Christ and Deity [237]. UKrestu wayengukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, kanti kwakunenhloso ethile ngaye kokudaliweyo (Bheka Arche of the Creation of God as Alpha and Omega [229]. Okudaliweyo kulandela uhlelo oluthile, uhlelo oluziveza emadilini esiwathola eBhayibhelini (Bheka God’s Feasts as they relate to the Creation [227]. UMesiya uzobuya masinyane ukuzosindisa labo abamlindele ngokushisekela nokuzomisa uMthetho kaNkulunkulu nombuso wakhe kuleli zwe (Bheka Outline Timetable of the Age [272] nelithi Law and the Commandments series [252 ff].
Ibandla lingabantu abayingcosana abakhethiweyo ababiziwe ezinkulungwaneni ezimbili zeminyaka edlule, balungiselelwa umbuso kaNkulunkulu. BayiThempeli likaNkulunkulu kanti bangcwelisiwe. Izenzo nemizamo yabo isiza emsebenzini uNkulunkulu awunikeza uMesiya ukuba awenze (Bheka Sanctification of the Temple of God [241]; Measuring the Temple [137]; The Government of God [174] nelithi God and the Church [151].
(Copyright 1999 Christian Churches of God)